Durban - Usaziwayo ongaconsi phansi kwabaningi kuleli, uMinenhle “Minnie” Dlamini uthengele abazali bakhe imoto yohlobo lwe-BMW wabahambisela yona kubo ngoLwesihlanu.
Umama wakhe uhlulekile ukubamba izinyembezi ngoba ubengasilindele lesi sipho esiqhamuka endodakazini yakhe.
Kule video kubonakala umama kaDlamini ephuma endlini, athi uma ebona imoto ahalalisele indodakazi yakhe ngemoto entsha kanti akazi ukuthi imoto ithengelwe yena.
UDlamini ube esethi: “Ungabongeli mina ngoba le moto eyakho.”
Bukanansi i-video ngezansi: