'Vumelani oKlebe benze umsebenzi wabo' - kusho i-ANC ngolukaMagashule

Johannesburg – I-ANC kuzwelonke kanye naseFree State ithi kumele kudedelwe umthetho udlale indima yawo ngodaba lwaseVrede Dairy, akukhathaleki noma ngabe kutholakala ukuthi uyathinteka noma cha uNobhala Jikelele omusha wayo u-Ace Magashule.

OKlebe bagasele ihhovisi likaMagashule bashaqa impahla base bedlulela kweloMnyango wezoLimo esifundazweni.

UMagashule kulindeleke ukuba abeke phansi izintambo njengoNdunankulu wesifundazwe ngoMashi kulandela ukuqokelwa kwiTop 6 ye-ANC ngoDisemba.

Lokhu kugasela kuza ngemuva kokuthi uphiko lokushaqwa kwempahla lweNational Prosecution Authority lithole imvume yokuqapha ipulazi iKrynaauwslust, elingaseVrede, eFree State.

OLUNYE UDABA: Ikusasa likaZuma lincike ezingxoxweni zakhe noRamaphosa - Magashule

I-NPA iphenya izinsolo zokuthi uhulumeni wesifundazwe wakhokhela umndeni wakwaGupta u-R220m okuwuhlelo i-AFU ethi "kwakungumkhonyovu wokukhwabanisa nokuntshontshela uMnyango imali".

Lo mklamo ongaphumelelanga wenzeka ngaphansi kobuholi balowo owayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya uMosebenzi Zwane, osenguNgqongqoshe weziMbiwa Phansi manje.

"Uphenyo kumele lusheshe ukuze kucace ukuthi ngobani abanecala," kusho okhulumela i-ANC kuzwelonke, uZizi Kodwa, etshela iNews24.

Bayikhulu abalimi abamnyama abasafufusa abathenjiswa izinkomo ezinhlanu umuntu ngamunye njengengxenye yalo mklamo ukuze bazithuthukise, kepha bagcina bengazitholanga.


We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 6755 votes
It's four more years for Trump
54% - 7865 votes
Vote
ZAR/USD
16.20
(+0.81)
ZAR/GBP
21.20
(+1.15)
ZAR/EUR
19.15
(+1.09)
ZAR/AUD
11.53
(+0.61)
ZAR/JPY
0.15
(+0.95)
Gold
1904.14
(-0.89)
Silver
24.65
(-1.13)
Platinum
885.00
(+0.17)
Brent Crude
42.06
(-3.35)
Palladium
2370.00
(-0.11)
All Share
54796.42
(-0.99)
Top 40
50276.84
(-1.23)
Financial 15
10376.28
(+2.34)
Industrial 25
74130.97
(-0.60)
Resource 10
52819.20
(-2.99)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo