Waxoshwa etendeni uDJ wodumo lweMofaya

Johannesburg - Kubukeka sengathi owayenguDJ womsakazo iMetro FM uSibusiso "DJ Sbu" Leope ulandelwa ngamabhadi kulezi zinsuku njengoba kusolwa ukuthi wanqatshelwa ukungena etendeni leCastle Milk Stout emcimbini we-13th Jozi Summer Shine e-Emmarentia Park.

Lo DJ ophinde abengumethuli wezinhlelo kumabonakude 

Umthombo uthe wamiswa ngonogada ababili lapho okungenwa khona etendeni.

"Lo nogada wathi bazongena enkingeni uma bemungenisa," kusho lo mthombo.

OLUNYE UDABA: UDJ Sbu uveze ukuthi ucwile ezikweletini

"Wabe esezithoba waqabula lo nogada wesifazane esihlathini wazama ukungena ngaphakathi etendeni kodwa wehluleka.

"Kubukeka sengathi la bonogada babedonswe ngezindlebe ngokungabangenisi abantu ababengazigqokile izigqebhezane ezifanele.

"Kuyishwa ukuthi uDJ Sbu akakwazanga ukusebenzisa ubuso bakhe ukungena kuleli tende," kusho lo mthombo.

UDJ Sbu uthe wayegqoke usiyasebenza weMofaya wagcina ethole imvume yokungena ibackstage pass.

"Ubani onendaba namaVIP uma unebackstage pass?"

Okhulumela abeCastle Milk Stout uthe itende labo lalingelabantu ababemenyiwe futhi benezigqebhezane ezifanele zokungena kulo.

"Inkampani ayazi lutho ngesigameko esenzeka ngalolwasuku."

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
Who do you think is going to win the 2020 US election?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Biden is going to take it
46% - 7023 votes
It's four more years for Trump
54% - 8130 votes
Vote
ZAR/USD
16.21
(-0.20)
ZAR/GBP
21.20
(-0.06)
ZAR/EUR
19.19
(-0.22)
ZAR/AUD
11.58
(-0.24)
ZAR/JPY
0.15
(-0.29)
Gold
1909.86
(+0.27)
Silver
24.75
(+0.29)
Platinum
889.00
(+1.12)
Brent Crude
42.50
(+1.69)
Palladium
2368.00
(+0.55)
All Share
55283.39
(+0.89)
Top 40
50726.74
(+0.89)
Financial 15
10444.18
(+0.65)
Industrial 25
74822.93
(+0.93)
Resource 10
53311.49
(+0.93)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo