Lilongwe - Ingenswe esibhedlela iNtchisi indoda eneminyaka engu-41 ubudala ngrmuva kokuzama ukuzibulala kulandela ingxabano nonkosikazi wayo kubangwa imali eyenziwe kudayiswa ugwayi.
Lesi sigameko senzeke ngeSonto ngomhlaka-21 Agasti eChapingama Village. Amaphoyisa ahlonze le ndoda ngelikaLawrwncw Kasokota.
OLUNYE UDABA:Uthole udilikajele owabulala omunye kubangwa iplaystation
Uphenyo lwamaphoyisa luveza ukuthi umsolwa ubenezinkinga zomndeni nonkosikazi wakhe wesibili njengoba abemsola ngesihluleki esingakwazi ukwabelana naye ngemali yagwayi.
Kusolwa ukuthi le ndoda yaphuza amaphilisi yasindiswa yindodana yayo, kubika iMalawi24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter