Bulawayo - Kubikwa ukuthi owsifazane waseChitungwiza uboshewe esiteshini samaphoyisa aseSt Mary ngemuva kokushaya aze abulale indodana yakhe.
Lesi sigameko senzeke ngobusuku bangoLwesibili.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owesilisa, 25, owabulala indodakazi yakhe
Umthombo osondelene nodaba utshele abezindaba iBulawayo24 ukuthi, "Owesifazane waseSt Mary ushaye indodana yakhe yaze yashona ngezinsolo zokuthatha imali yendlu engu-R0.25c engazi yena ngoLwesibili ebusuku, uboshelwe ukubulala indodana, 14, esemakhazeni aseChitungwiza."
"Akwaziwa ukuthi usebenzise siphi isikhali kodwa uyishaye ngesikhathi ekhanda," kusho umthombo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho