Houston – Kutholakale izidumbu zezingane ezimbili ngaphansi
komuzi wakwamakhelwane ngemuva kokuthi umama wazo etshele obemsiza ukuthutha
ukuthi uzigwilizise kubhavu wokugeza.
Kuthiwa lo mama usho ngokukhulu ukungabi nandaba ukuthi
ubulele izingane, ngesikhathi ekhuluma nomakhelwane, kusho izikhulu.
OLUNYE UDABA: Libuyele enkantolo elikamama owabulala izingane zakhe
Lo mama, 30, ube eseyaboshwa kepha ubengakabekwa icala,
kusho okhulumela amaphoyisa aseHouston, eMelika, uKese Smith.
Izikhulu zithi zonke izinkomba “ziveza ukuthi ubeyedwa
ngesikhathi egila lo mkhuba” okushone kuwo indodakazi, 5, nendodana, 7.
USmith uqhube ngokuthi basazohloma lo mama ngemibuzo ukuze
kutholakale inhloso yesenzo sakhe.