Zimkhalele owebe washutheka imali 'enkomeni'

Harare - Owesifazane wasendaweni yaseMkoba usolwa ngokweba imali ngemuva kokugibeliswa emotweni, wabe eseyifihla esithweni sangasese.

U-Amanda Makusha kuthiwa webe u-$40 kuRachel Nyanyiwa waseMkoba, eZimbabwe.

Umthombo osondelene nophenyo uthi uMakusha ubegibeliswe nguNyanyiwa emotweni esuka eMkoba ngesikhathi entshontsha imali.

“UMakusha ubegitsheliswe esuka eNyanyiwa eya eMkoba. Esendleleni, uNyanyiwa umiswe amaphoyisa acele ukubona into yokucima umlilo.”

“Uphoqelekile ukuba aphume emotweni ayokhombisa amaphoyisa ngoba ibisebhuthini,” kusho umthombo.

Funda nalolu daba: Uyalandisa owaqonywa ngumama nendodakazi

“Baqhubekile nohambo lwabo, uNyanyiwa wabe esengena egaraji eyofaka uphethiloli, kodwa kuthe uma evula isikhwama imali ibingasekho, noziphu waso uvuliwe.”

UNyanyiwa uqonde esiteshini samaphoyisa ehamba naye uMakusha wafike walubika khona lolu daba, esola uMakusha.

“UMakusha uphekwe ngemibuzo ngamaphoyisa kodwa waqhubeka nokuphika. Ube eseseshwa ngamaphoyisa esifazane, imali yangatholakala. Amaphoyisa ayalele ukuba ayoseshwa udokotela,” kusho umthombo.

Udokotela uthathe isinqumo sokumbheka esithweni sangasese nokuyilapho kutholakale khona imali igoqwe yashuthekwa khona ‘enkomeni’.

UMakusha ube eseboshwa, kubika iMyZimbambwe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
In times of uncertainty you need journalism you can trust. For only R75 per month, you have access to a world of in-depth analyses, investigative journalism, top opinions and a range of features. Journalism strengthens democracy. Invest in the future today.
Subscribe to News24
Lockdown For
DAYS
HRS
MINS
Voting Booth
When assisting your child with remote learning this year, did you:
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Follow the school's comprehensive sexuality education (CSE) curriculum?
13% - 335 votes
Adjust the CSE curriculum to suit the family's morals?
24% - 597 votes
Ignore the schools CSE programme and do your own teaching?
63% - 1580 votes
Vote
ZAR/USD
15.33
(-0.37)
ZAR/GBP
20.53
(-0.50)
ZAR/EUR
18.58
(-0.39)
ZAR/AUD
11.39
(-0.55)
ZAR/JPY
0.15
(-0.43)
Gold
1840.98
(+0.62)
Silver
24.14
(+0.60)
Platinum
1022.00
(+1.64)
Brent Crude
47.96
(+1.75)
Palladium
2403.01
(+0.95)
All Share
58651.74
(+0.63)
Top 40
53880.09
(+0.74)
Financial 15
11298.12
(-0.08)
Industrial 25
79578.40
(+0.65)
Resource 10
56074.40
(+1.08)
All JSE data delayed by at least 15 minutes morningstar logo