Johannesburg – Uvele enkantolo umfundi, 19, wase-Alexandra, eGoli, kulandela ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, kusho amaphoyisa aseGauteng.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini uthe lo mfana uboshwe kulandela ukuthola ucingo olubabikela ngokuthi ukhombe omunye umfundi ngalesi sibhamu, kubika i-African News Agency.
Kube sekubizwa amaphoyisa, isibhamu satholakala esikhwameni sakhe sisekole.
OLUNYE UDABA: Zimkhalele umfana owenza uGrade 10 otholakale nesibhamu
“Kuthe uma ebuzwa ngalesi sibhamu wathi ngesikababa wakhe. Amaphoyisa azophenya ngaphansi kweFirearms Control Act ukuze kutholakale ukuthi ngabe lo baba ukulungele na ukuphatha isibhamu,” kusho uDlamini.
Kwesinye isigameko, kuboshwe abasolwa abangu-12 abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni eBenoni, Cleveland, Dobsonville, Midrand, Etwatwa, Roodepoort nase-Ennerdale ngoLwesibili.
Laba baboshwe ngesikhathi amaphoyisa ephume inqina enza umzungezo owejwayelekile.