Johannesburg - Babalelwa okungenani ezingxenyeni ezimbili kwezintathu abantwana abazalwe eNingizimu Afrika, kepha okudidayo ukuthi amagama obaba babo awekho ezitifiketini zokuzalwa.
Lokhu kungokombiko weStatsSA ekhiphe izibalo zezingane ezazalwe ziphila ngo-2016, okhishwe ePitoli, ngoLwesine.
Ezinganeni ezingu-969 415 ezabhaliswa, simi ku-62% isibalo sabangenawo amagama obaba ezitifiketini zokuzalwa.
"Lokhu kuyafana nemibiko yeminye iminyaka eyedlule, okusho ukuthi asicacile isibalo sobaba abazala izingane kuleli," kusho iStatsSA.
Umbiko uqhube ngokuthi iningi lomama liphakathi kweminyaka engu-20 no-29 ubudala.
OLUNYE UDABA: Senyukile isibalo sokudlwengulwa kwabantu kuleli - Stats SA
UJunior yilona gama elihamba phambili eliqanjwa izingane zabafana ezizalwayo kuleli, kanti sekube kanje iminyaka emithathu ilandelana. Leli gama lilandelwa ngelikaBlessing noGift.
UPrecious uhamba phambili emantombazaneni, esusa u-Iminathi esicongweni njengoba ahamba phambili ngo-2014. Amanye amagama athandwayo emantombazaneni azalwe ngo-2016 ngoPrincess no-Amahle.
Amagama okuqala amathathu adla ubhedu ngelikaBlessing‚ Melokuhle no-Amogelang - avela kubona bobubili ubulili babantwana, kubika iStatsSA.
UDlamini yisona sibongo esihamba phambili ezinganeni ezizalwe zabe seziyabhaliswa phakathi kuka-2014 kuya ku-2016.
Ezinye izibongo eziqaphelekile ngesakwaNkosi nesakwaNdlovu.