Abafundi basolwa ngokubulala uzakwabo ngeMandela Day

2015-07-28 09:29

Bloemfontein – Abafundi ababili basaseCentral University of Technology bavele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngecala lokubulala omunye uzakwabo. 

“Lo mfundi washaywa kanzima ngezinduku yegalofu waphinde wagwazwa waze washona egunjini lakhe ebhilidini abehlala kule emgwaqweni uParfitt ngoMgqibelo ebusuku ngomhlaka 18 ku-Julayi,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Chaka Marope wasesiteshini samaphoyisa iParkweg.  

Abasolwa u-Okene Douglasa oneminyaka engu-21 ubudala noTebello Tsubella onengu-22 ubudala bobabili abadabuka eNigeria bangabafundi kusona lesi sikhungo esizinze eBloemfontein.

Omunye wabo ubengumngani osondelene nomufi, kusho uMarope.

Kubikwa ukuthi laba baphinde bathatha isidumbu sikamufi bayosishisa ngaphambi kokuthi bayosilaxaza eduze kukajantshi wesitimela e-Uitsig.

Isidumbu salo mfundi oneminyaka engu-25 ubudala obenza unyaka wesibili wezifundo zobunjiniyela satholwa ngoMsombuluko olandelayo ngumshayeli wemoto owabe ezidlulela wabikela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe abagibeli kwesodlame lwamatekisi eGoli

“Lo mfundi owashona waphinde wantshontshelwa izimpahla zakhe ezahlukene okubalwa kuzo, umabonakude, umakhalekhukhwini wohlobo lwe-iPhone, izimpahla zokugqoka nemali.

Abasolwa baphinde bantshontsha nemoto kamufi bayisebenzisa ukuyojuxuza ngayo ngempelasonto okwabe kugunjwa ngayo iMandela Day.

Le moto yathola ilaxaziwa emgwaqweni osondelene nesikhungo,” kuchaza uMarope.

Abasolwa babanjwa ngemuva kwezinsuku ezine endaweni abahlala kuyo ngemuva kophenyo lwamaphoyisa.

Inkantolo ilihlehlisele umhlaka 3 leli cala kanti abasolwa bazoqhubeka nokubhadla ezikhindini.

         - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.