Abakuleli baboshelwe ukushushumbisa eZim

2015-01-09 18:34
Johannesburg - Abantu ababili bakuleli bavalelwe ezitokisini zamaphoyisa eZimbabwe, edolobheni iMutare, ngezinsolo zokuthi bazame ukushushumbisa amadayimane aseMarange Diamond Fields.

Laba bobabili, okungoMark Posthuman, 47, noJohannes Hendrik Nel, 40, akucaci ukuthi baboshwa nini.

Iphephandaba iManica Post libike ukuthi abasolwa bavele enkantolo ngoMsombuluko nabanye abasolwa ababili abangabaseZimbabwe.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe obezama ukushushumbisa idayimane

Bazogqunywa esitokisini kuze kube ngumhlaka-13 Januwari, ngokusho kwalo mbiko.

Kuthiwa baboshwa ngesikhathi amaphoyisa esesha izimoto eNyanyadzi, esemgwaqeni ophakathi kweMutare neNingizimu Afrika.

Lo mbiko uqhuba ngokuthi amaphoyisa athola amadayimane amahlanu ngaphansi kwesihlalo semoto ababehamba ngayo.




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.