AbakwaSteenkamp bathi u-Oscar wambulala ngenhloso uReeva

2015-08-24 12:31

Johannesburg – Abazali bakaReeva Steenkamp bathi abangabazi ekutheni umsubathi u-Oscar Pistorius wabulala indodakazi yabo ngenhloso, betshela isiteshi sikamabonakude sase-Australia.

UPistorius, 28, obekulindeleke ukuba adedelwe ejele ngoLwesihlanu olwedlule ngemuva kokuchitha izinyanga ezingu-10 ejele, kepha lokhu kwamiswa nguNgqongqoshe wezobuLungiswa uMichael Masutha.

UPistorius walahlwa yicala ngo-Okthoba wonyaka odlule ngokubulala ngokungenhloso uSteenkamp ngeValentine's Day ka-2013.

OLUNYE UDABA: Usazothi ukuhlala ejele u-Oscar Pistorius

Abashushisi bafake isicelo sokuthi kuguqulwe icala elabekwa uPistorius lenziwe elokubulala.

"Zingenela kanjani izinyanga ezingu-10 ejele umuntu ebe abulala? Wazivumela ngokwakhe ekutheni wabulala uReeva pho kungani kumele adedelwe ejele?” kubuza umama kaReeva, uJune, ngesikhathi enengxoxo nesiteshi sikamabonakude e-Australia.

"U-Oscar kuphela uwaziyo ukuthi kwenzakalani ngaloluya suku.”

Ubaba kaReeva uthi akangabazi ekutheni lezi zithandani zaba nengxabano, u-Oscar wase ethatha isibhamu ebulala indodakazi yakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.