Abalingisi abasakhulumisani ngenxa kaKhaya Mthethwa

2015-01-18 12:18

Johannesburg – Simuncu isimo kobhululu abangabalingisikazi bodumo lomdlalo wochungechunge Isibaya uJessica Nkosi noNomzamo Mbatha njengoba kuba umculi wodumo lwama-Idols uKhaya Mthethwa.

Ngokubika kweSunday Sun uNomzamo owaduma ngendawo kaThandeka kulo mdlalo noJessica wodumo lukaQondi sebephenduke inkukhu nempaka ngenxa yendoda.  

Umthombo waleli phephandaba udalule ukuthi uJesscia usethandana noKhaya owayethembisene umshado noNomzamo.

Kubikwa ukuthi nakuba uNomzamo ahlukana noKhaya ezinyangeni ezingu-8 ezedlule kodwa akwehlanga kahle kuyena uma ethola lezi zindaba zokuthi usejola nomngani wakhe.

Umthombo uthe ngesikhathi uNomzamo ethola ngokujela kukaKhaya noJessica wadinwa wagana unwabu kangangokubo waze wabathumelela ama-email.

“Ngomhlaka 28 kuDisemba uNomzamo wabatshela ukuthi imfihlo yabo isiphumele emphakathini. Waqhubeka wathi wathi mabaqhubeke nokujola ubanikeza izibusiso,” kusho umthombo. 

Umthombo uqhuba uthi nakuba abanikeza izibusiso uNomzamo kodwa utshela bonke abangani bakhe ukuthi uphoxekile ngesenzo sikaJessica ngoba ubemethemba njengomngani wakhe ukuthi angathandana nomuntu ayethandana naye.

OLUNYE UDABA: Bahlukene uKhaya noNomzamo

Ethintwa uKhaya uthe: “Angizange ngimphingele uNomzamo.

Ngididekile ukuthi usakwazi ukungena kuma-emails ami,” kusho uKhaya.

Uthe ubudlelwane bakhe noJessica yinto eqale ngemuva kwezinyanga esahlukana noNomzamo.

“Bengingaqondile ukuhlukumeza muntu kodwa siyazwana kakhulu noJessica.

Angisenabo ubudlelwano noNomzamo.”

UJessica uthe uyaxhumana noKhaya kodwa wangafuna ukwanda ngamaningi.

UNomzamo wenqabile ukuphawula ngalolu daba kodwa wathi:

“Ngisazilile ngemuva kokushona kukasisi wami.

Ngingakuqinisekisa ukuthi ukuthi angaisaxhumani nabo bobabili.”

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.