Abanjiwe amaphoyisa abesebenzisana nezigebengu

2015-07-30 08:04
Johannesburg  - Likhalelwe ngamasongo kaSigonyela iqembu lezigebengu ebelisebenzisana namalungu amphoyisa ophiko iCrime Intelligence ebesezihluphile endaweni yesilungu eGauteng.

Laba baboshwe ngesikhathi bematasa behlela ukuyogebenga kule ndawo esesilungwini.

Ukuboshwa kwabo kulandele ngemuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngumuntu obesola okunuka santungwana ngesikhathi iqembu la madoda lipake emgwaqeni uLanglaagte eGoli.

Amaphoyisa athole izimpahla zamaphoyisa  ezingu-8 ezimotweni ezintathu izidakamizwa nesamba semali.

OLUNYE UDABA: Ivideo: Izigebengu zibamba inkunzi eThekwini

Amaphoyisa abe esethola nokuthi amadoda amabili awabophile angamaphoyisa eCrime intelligence kanti angaphandle ngebheyili ngecala lokweba nokuphanga.

Amanye amadoda ayisithupha abengesiwo amaphoyisa abefunelwa amacala okugqekeza ePitoli, eGoli namaphethelo.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vish Naidoo uthe amaphoyisa amabili aboshiwe abefunelwa ukubandakanyeka kuhide lwamacala obugebengu kubalwa nawokuphnga endaweni yaseCleveland, eGoli ngonyaka wango-2014, kubika iTimesLive.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.