Johannesburg - Abantu abane ekubalwa kubo nengane encane, bashonile engozini ehlanganisa izimoto ezimbili eyenzeke ku-R37, ngaseNelspruit, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
"Ekufikeni kwabakwa-ER24, bafice izimoto zilimele kakhulu, zivale imizila emgwaqeni," kusho okhulumela abakwa-ER24, uPieter Rossouw.
"Ngale kwabashonile, kunabanye abathathu abathole ukulimala."
Kukholakala ukuthi enye yezimoto ibizama ukusika idlule enye, abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).