Abaxoshwa bahlulekile ngesicelo sokumisa iGenerations

2015-01-14 13:31
Johannesburg – IGenerations: The Legacy isazoqhubeka nokukhonjiswa kumabonakude ngemuva kokuba abanye babalingisi balo madlalo abaxoshwa behlulekile ukusayina amaphepha okuthi ukhishwe emoyeni. 

Ummeli wabalingisi abaxoshwa uBulelani Mzamo uthe abalingisi abakwazanga bonke ukusayina umqulu okukhipha lo mdlalo emoyeni ngenxa yokuthi bebebambekile ngemisebenzi eyahlukene abayenzayo eceleni, ngokombiko weSowetan

UMzamo uqhube wathi lolu daba lwabo bazoludlulisela eNkantolo ePhakeme yaseNingizimu yeGauteng.

OLUNYE UDABA: Ayiyi ndawo iGenerations entsha – Vundla

“Bayazi ngokusobala ukuthi abalingisi abangu-16 abaxoshwa basafuna ukubuyiselwa emsebenzini futhi bayazi ukuthi okhomishana bayahluleka ukubhekana nalolu daba.

"Yingakho sesikhethe ukulisusa lolu daba kwa-CCMA siliyise eNkantolo ePhakeme,” kusho uMzamo.

 Ngakolunye uhlangothi okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago ubengakezwa ngokuthi lolu daba selidluliselwa eNkantolo ePhakeme.


     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.