Akakhulunyiswe isiZulu uZakes Bantwini

2015-05-27 12:22
uMamgobhozi

uMamgobhozi (mamgo)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Cape Town - Ngike ngazithola ngibukele uhlelo iSing Off, edlalwa ku-SABC 1. Ngihlabeke umxhwele ngekhono labaculi kanjalo nomethuli walo uNoluthando othi usamlalela ethetha isiXhosa, umuzwe esepraata kuthi kusanjalo ashaye olwamaNgisi alukhiphe ngale.

Ngiyakholwa baningi abahlala belangazelele ukungena kwalolu hlelo oluveza abaculi be-Acapella beqhulula amanoni kokunye kube awakuleli athakwe adidiyelwa nawaphesheya kwezilwandle.

Indaba yonakala uma sekuphonswa izintambo emajajini kuthiwa awasho ukuthi ababone kanjani abancintisanayo. Emajajini kuboshelwe u-HHP, UZolani Mahola kanjalo noZakes Bantwini.

Ngikholwa wukuthi uZakes wuye esimkhonze kakhulu nesimethembayo kula majaji kodwa ziyima emthumeni kuye uma sekumele achaze indlela abone ngayo aphinde akhiphe iziyalo kulabo abasuke bekade becula.

UZakes uyezwakala olimini ukuthi umculo uyawuqondisisa ngokuphelele, uyakwazi ukubona ikhono nokujula abone ngeso elibanzi ukuthi bekungenziwa njani kuze ingoma izoba ngconyana kunalokhu ebiyikho.

OLUNYE UDABA:Ushoda ngoju uMakhosi Simelane

Inkinga isekubekeni lokho asuke efuna ukukusho esebenzisa isiNgisi.

Bakwethu isiNgisi lesi akusona esakwaBantwini (uma kuyisibongo sakhe). Sala sona ukuphuma emlonyeni womfana bakithi kuze kube buhlungu kimi ngibukela iTV ngisekhaya.

Umuzwa bandla uZakes ephindaphina oPerfomance, performance, the Perfomance.

Ngike ngamuzwa ezama ukuchazela elinye lamaqembu ukuthi belinganandisa kanjani kuze lizohlabahlosa, kwacima izibani kwibhungu lansondo libhidilisha isingisi. Ngimuzwe eqhulula amagama amakhulu kwacaca ukuthi uwazela ezincwadini lezi ayezifunda eza egogoda kodwa wehlulekile ukushelela abeke indaba izwakale.

Ukungasazi isiNgisi akuyona inkinga noma ihlazo, abantu abanikwe igunya lokukhuluma ngokukhululeka besebenzisa noma ngabe yiluphi ulimo olubavumayo.

Kungenzekake ukuthi uZakes uphoqekile ukukhuluma isiNgisi – kulokho singagxeka abadidiyeli, oikuyibo abalande umuntu abangamazisisi kahle olwimini bamnika umsebenzi onzima.

Mhlampe-ke nabo osaziwayo akumele bajahe imisebenzi ezobangenisela imali kodwa kumele babheke nokuthi lokho abazokwenza bazokwazi yini ukukwenza ngendlela bangasolisi bangashiyi kunezinkulumo ngemuva.

UZakes uyawazi umsebenzi wakhe angicabangi ukuthi kumele simjaje ngesiNgisi asikhulumayo.

Ngingajabula njengoba nje uhlelo lusazoqhubeka, sibone uZakes ekhululeka ekhuluma isiZulu noma akhulume ngolimi olwejwayelekile olukhulunywa ontanga bakhe elokishini, angazami ukuzenza formal.

Singahlangana kuFacebook, Izindaba Mamgobhozi.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.