Johannebsurg - Lowo owayengumengameli wezwe u-FW de Klerk wayengeyena “uMesiya”, kusho i-ANC ngoLwesihlanu ngemuva kwesiphakamiso sedolobha laseKapa sokuqamba iTable Bay Boulevard ngoDe Klerk.
"Wayeyingxenye yobandlululo. Akayena uMesiya. Akazange asikhulule,” kusho okhulumela iqembu uZizi Kodwa.
"Asikho isikhungo i-ANC abingasiqamba ngo-FW de Klerk. Ukuqamba kabusha amagama kuyingxenye yamagugu ethu, yena akukho akwenza ukusikhulula,” usho kanje.
Funda nalolu daba: Kuminze isivakashi e-E Cape.
Idolobha laseKapa ngoLwesine lithe iBoulevard ingase iqanjwe kabusha uma isiphakamiso sekomidi siphumelela.
Kodwa uKodwa uthi uDe Klerk wayengumengameli wobandlululo.
"Umengameli uDe Klerk uyena kuphela osangumengameli wobandlululo osaphila, futhi into ayenza yena walugcina ubandlululo,” usho kanje.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).