Akekho onendawo yakhe kwiBafana - Mashaba

2014-12-29 14:04

Johannesburg – Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba kulindeleke ukuthi amemezele uhlu lwabadlali abangu-23 abazoya e-Equatorial Guinea  kwi-Afcon.

UMashaba phambilini wamemezela uhlu lwabadlali abangu-34 ukuze akwazi ukuhlunga kubona uma esememezela abangu-23 abazoya kwi-2015 Africa Cup of Nations.

Lo mqhudelwane wamazwe kulindeleke ukuba uqale mhlaka 17 kuJanuwari. 

UMashaba ukubeke kwacaca ukuthi akekho umdlali onendawo yakhe kwiBafana Bafana njengoba ukungena eqenjini lakhe kumele bazimisele ngokweqile.

OLUNYE UDABA: UMashaba kulindeleke amemezele isikwati

Lo mqeqeshi uzwakalise ukuphatheka kabi ukuthi akakwazanga ukuzilolonga nabobonke abadlali abebabizile ikakhulukazi abadlala phesheya ngenxa yokuthi bebesamatasa namaqembu abo.

UMashaba Utshele iSoccerLaduma ukuthi kuzobukeka kunikwenzelela ukuthi angabiza abadlali abangafikanga ukuzozilolonga ashiye abebekhona kodwa uzocaca kusasa.

“Bengingathanda ukubahlola bonke abadlali engizohamba nabo.

Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi kuzoba lula noma nzima ukukhetha abadlali kodwa kuzobonakala kusasa njengoba sazi ukuthi sizimisele ukulizuzelani izwe lethu,” kusho uMashaba.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.