Akekho owazi imfihlakalo yezulu

2015-01-16 14:34
Cape Town - Ukhona yini ngempela ongakwazi ukubona abaya esihogweni nabaya ezulwini?

Abaningi uma bephawula emibhalweni yeNtshebe uSibongiseni Shangase, bathi iyongena esihogweni igijima, besho lokhu bethi ayikholwa kunjalo ithatha kancane uNkulunkulu.

Kulaba abazi iBhayibheli, kunini la khona uNkulunkulu exolela izono?

Uma abantu sebeya esihogweni kusuke sekwenzekeni kuleli vesi elithi zonke izono ziyoxolelwa - Matewu 12:31?

Umuntu osemhlabeni ubona kanjani ukuthi kukhona umuntu oyoya esihogweni ekubeni kuyiwo futhi amakholwa ahlale ekhuluma ngokuzihlambulula?

Uyazi yini ukuthi umuntu uzihlambulula athini uma esekhuluma noThixo wakhe?

Abafunde bethu bayaphendula

UKwaneleh Pheh uthe: Akekho namunye owazi ngemfihlakalo yokuphela kwezinsuku.

U-Emanuel INkosi Inathi Ndlangisa uthe: Rev.21 3 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, 4 azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” 5 Wayesethi ohlezi esihlalweni sobukhosi: “Bheka, ngenza konke kube kusha.” Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, aqinisile.” 6 Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. 7 Onqobayo uyakulidla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi. 8 Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.



Bheka izindabaNews24 kuFacebook, ubone abanye batheni

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.