Akucaci ngodutshulwe endaweni yokupaka izimoto eGoli

2015-07-23 17:29

Sandton – Owesilisa udutshulwe walimala endaweni yokupaka izimoto esiteshini seGautrain eSandton eGoli ngokusho kombiko.

Iminingwane ngokudutshulwa kwalo mlisa ibingakacaci kahle kodwa abosizo lokuqala bamphuthumise esibhedlela esesimweni esibucayi.

Abosizo lokuqala bathe lo mlisa udutshulwe amahlandla ambalwa ngaphandle kwendawo yokudlela iPizza Hut emgwaqweni uRivonia.

Amaphoyisa aphoqeleke ukuba ayivale le ndawo yokupaka izimoto ukuze aqale uphenyo ngalesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Kulimale nosana imoto ishayisa uthango eKZN

Okhulumela abakwaNetcare 911 uSanti Steinmann uthe:

“Ngesikhathi befika abosizo lokuqala bathole owesilisa elimele kanzima enamanxeba okudutshulwa.

Lo mlisa ulashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela ukuze athole okunye ukwelashwa.”

USteinmann uthe akulula ukucacisa ukuthi lesi bekuyisigameko sokubanjwa inkunzi noma cha njengoba lo mlisa ebatshele ukuthi konke kwenzeke ngokuphazima kweso.

Amaphoyise avule idokodo lokuzama ukubulala kanti uphenyo luyaqhubeka.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.