Johannesburg - Akukaboshwa
muntu ngokugwazwa kwezingane ezimbili eDobsonville, eSoweto, kusho amaphoyisa
aseGauteng ngoLwesine.
"Amaphoyisa ayaphenya ngalolu daba futhi axoxisana nophakathi
njengengxenye yophenyo,” kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.
Umfana oneminyaka emibili nomunye oneminyaka emithathu ubudala, kanye
kanye nomama wabo bagwazwa esehlakalweni sokuphanga esenzeke ngoLwesibili
ebusuku emzini oseDobsonville Extension 3.
Kukholakala ukuthi babebabili abalisa
abenza lokhu.
Funda nalolu daba: Uzinikele emaphoyiseni owayeyinhloko yoMnyango.
Ugogo wabafana oneminyaka engu-60 ubudala naye wasikwa ngommese
esiphongweni ngelanga lesehlakalo.
Ingane yomfana eneminyaka emibili ubudala yagwazwa amahlandla
amathathu ekhanda, enye yagwazwa angu-8 emzimbeni.
Umama wabafana yena wagwazwa engalweni.
Izingane zaphuthunyiswa esibhedlela ngemuva kwesehakalo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).