Johannebsurg - Akukaboshwa muntu
ngecala lokubulawa kwekhehla eFafi, eHartbeespoort Dam ngaseBrits, kusho
amaphoyisa aseNorth West ngoLwesithathu.
"Akukaboshwa muntu okwamanje kanti uphenyo luyaqhubeka,”
kusho uColonel Sabata Mokgwabone.
Uthe ukhehla elineminyaka engu-75 ubudala labulawa ngeSonto
ebusuku emzini walo eFafi.
Funda nalolu daba: Bagcwele amathafa abasolwa ngokuba 'yizinyoka'.
"Kuthiwa umsolwa washaya ikhehla ngefosholo washonela khona
lapho endaweni yesehlakalo. Kusolwa ukuthi umsowla wabe esebaleka nomabonakude,
amaselula amabili, itablet kanye nendandatho yomshado.”
Kwabe sekuvulwa icala lokuphanga kanye nelokubulala.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).