Johannesburg – Akukho ukucima kukagesi okulindelekile ngoLwesibili yize iziphehli zikagesi ziqhubeka nokuba ngaphansi kwengcindezi, kusho inkampani ephehla ugesi kuleli u-Eskom."Ugesi ungaphansi kwengcindezi. Silindele ukuthi ezinye iziphehli ziqale ukusebenza emini, kepha uma kwenzeka esingakulindele siyophoqeleka ukuba sicime ugesi,” kusho abaxhumanisi benkampani nabezindaba kule nkampani.OLUNYE UDABA: Ukunqamula ugesi iyonandlela efanele - EskomLe nkampani kwadingeka ukuthi iqalise uStage 1 wokucima kukagesi ngomhlaka-9 Januwari ngenxa yomthamo omkhulu wabantu abasebenzisa ugesi kanye neziphehli ezazingasebenzi.UStage 1 uchaza ukuthi kuzocishwa u-1 000MW kagesi izwe lonke, uStage 2 kuba ngu-2 000MW.NgoLwesine, isikhulu esiphezulu kwa-Eskom uTshediso Matona wathi uhulumeni uyalivuma icala kanye no-Eskom ngezinkinga zikagesi ezihlasele izwe. - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho - Landela IzindabaNews24 kuTwitter