Alikho itwetwe ngoMatlaba - Odokotela

2015-01-05 12:44

Johannesburg – Odokotela beqembu lesizwe iBafana Bafana sebekuqinisekisile ukuthi alikho itwetwe ngokulimala komdlali wasemuva uThabo Matlaba okhishwe esethwelwe ngohlakahla emdlalweni wobungane waleli qembu neZambia.

UMatlaba osanda kubuya ekulimaleni ubanjwe amajaqamba kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngeSonto wakhishwa kwafakwa uThulani Hlatshwayo endaweni yakhe sekuyophela umdlalo.

OLUNYE UDABA: IBafana izozicija ngeCameroon neGabon

“Ngingasho ngokukhululeka ukuthi ngemuva kokuxilonga uMatlaba sithole ukuthi akalimele nhlobo ubebanjwe amajaqamba okukhombisa ukuthi sekunesikhathi engadlali,” kusho uThulani Ngwenya ongudokotela waleli qembu kwisitatimende esikhishwe yiSAFA.

Ngakolunye uhlangothi iSoccerLaduma ibike ukuthi u-Andile Jali sekuseduze alulame ngokugcwele ngemuva kokulimala ediolweni. 

IBafana isazodlala imidlalo yobungane emibili ngaphambi komqhudelwano we-2015 Africa Cup of Nations e-Equatorial Guinea. Kusamele idlale neGabon neCameroon.   

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.