Alimale kanzima amadoda 3 agxume esitezi sesi-7

2014-12-31 09:12

Johannesburg – Amadoda amathathu alimale kanzima ngemusakhathi egxuma esuka esitezi sesikhombisa ebhilidini eGoli ngokusho kwabezimo eziphuthumayo.  

Okhulumela abezimo eziphuthumayo eGoli uRobert Mulaudzi uthe la madoda alimale ekhanda naseqolo ngesikhathi egxuma kuleli bhilidi ngoLwesibili.

“Kusolakala ukuthi abebalekela amaphoyisa, abegasele kuleli bhilidi.”

OLUNYE UDABA: Owesilisa ugxume ebhilidini washona eGoli

Kubikwa ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela iCharlotte Maxeke ngemuva kokulimala kanzima ebhilidini elisekhoneni likaNugget noJeppe maphakathi neGoli.

UMulaudzi uthe lesi yisigameko sesihlanu kulo nyaka sokuthi abantu bagxume emabhilidini asenkabeni yeGoli.

Ngenyanga eyedlule owesilisa ushonile ngemuva kokugxuma ebhilidini eliseYeoville.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.