Johannesburg - Umdlali Rajesh odlala kwiSidingo, nogama lakhe langempela nguJack Devnarain, uthole ukugxekwa abohlanga lwamaNdiya ezinkundleni zokuxhumana, ngemuva komjolo wakhe nomelekeleli wakhe omnyama.UDevnarain, udlala indawo kasomabhiznisi uRajesh Kumar, oshade noPriya.Kulo mdlalo uRajesh uthola ishende elinguZak Khumalo, odlalwa nguFikile Mthwalo.Funda nalolu daba: Kufunwa abantshontshe eGagasini FMAbabukeli bomdlalo, abaningi kubo ekungamaNdiya, bazwakalise ulaka lwabo ezinkundleni zokuxhumana, becikwa ukuthi uRajesh uqonywe umuntu omnyama, kubhala abeTimesLive.UDevnarain uveze ukuthuka wathi akakholwa ukuthi namanje kunabantu abangakwazi ukwehlukanisa umdlalo nempilo yangempela. –"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho. – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).