AmaZulu azimisele ngokuphendula amatafula - Barker

2015-01-21 18:31
Durban - Umqeqeshi waMaZulu uSteve Barker uthi iqembu lakhe lizobuya lingagayelwe mphako uma sekuqala isigaba sesibili sesizini.

"Siyajabula ukuthi u-2014 usudlullile kanti manje sesilindele ukubona ukuthi unyaka omusha usiphatheleni. Sinethemba lokubalekela izembe,” kusho uBarker ngoLwesithathu.

USuthu aluzange luyiqale kahle isizini yePremiership njengoba kumanje isemsileni ngamaphuzu angu-9 emidlalweni engu-16.

OLUNYE UDABA: AmaZulu azimisele ukumgcina uNdulula

"Bekunzima kakhulu esigabeni sokuqala kanti sifunde lukhulu emidlalweni esiyidlalile,” kusho uBarker.

"Sazama ukudlala kahle emidlalweni yokuqala kepha kwazinhlanga zimuka nomoya.”

Leli qembu elizinze eThekwini lalinyazwa kakhulu ukulimala kwabadlali balo abamqoka okubalwa oMark van Heerden, Robyn Johannes noJohn Arwuah.

Abadlali beMamelodi Sundowns oBryce Moon noWayne Sandilands bayamaniswa naleli qembu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.