Amahloni iphoyisa libanjwa lidle amponjwana e-KZN

2015-08-24 11:33

Durban – Isakhamuzi saseKokstad, KwaZulu-Natal, sithi asikholwanga ngesikhathi sibona iphoyisa lidakwe ngendlela exakile lisemotweni yomsebenzi, linebhodlela lotshwala emathangeni alo.

UBen Heydenrych ubhale enkundleni yezokuxhumana iFacebook wathi lesi sigameko senzeke ngoMgqibelo.

"Bengisendleleni ngihambisa umntwna wami eScottsville Junior School, eMgungundlovu, eyogijima, ngesikhathi sidlula le veni imile,” kubhala uHeydenrych ngoMgqibelo.

“Ngaphakathi kule veni bekukhona iphoyisa lidakwe laze lalala esitelingini kunotshwala emathangeni alo. Ngizamile ukulivusa kepha kwazinhlanga zimuka nomya. Ngibe sengifonela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Lisesibhedlela iphoyisa elizidubule ngephutha

UHeydenrych uthi amaphoyisa awazange afike.

“Kube sekufika amadoda amabili ashaya leli phoyisa ebusweni ezama ukulivusa, kwadlula kwafana. Enye kula madoda ize yathatha iSavanna yaleli phoyisa yalithela ngayo ebusweni kwayima liphaphama,” esho.

Uthi leli phoyisa lithe lingavuka, langasakhuluma izinto eziningi layishaya yazula.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker wazise amaphoyisa asePlessislaer ngombhalo kaHeydenrych.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.