Amaphoyisa abophe ozakwabo

2015-08-25 18:15

Johannesburg -  Kuboshwe amalungu amathathu oKlebe eFree State ngamacala okweba u-R250 000 ngesikhathi esesha ngaphandle kwemvume, kusho okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi ngoLwesibili.

Uthe kwaseshwa indlu eWelkom ngesikhathi kuqhutshwa uphenyo ngezinsiza kusebenza zasemayini yegolide, kodwa amaphoyisa aphuma endlini engatholanga lutho.

Ngokuhamba kwesikhathi, u-captain oneminyaka engu-59 ubudala kanye no-constable ababili abaneminyaka engu-37 nengu-39 ubudala, bonke abasebenzele eThabong Directorate for Priority Crimes, babuyela endlini beyosesha ngaphandle kwencwadi ebagunyazayo.

Funda nalolu daba: Udedelwe ngebheyili umzukulu kaMandela

"Kuthiwa bafuna ukusesha imoto ngaphandle kwemvume, base bethatha imali eyayiphakathini,” kusho uMulaudzi.

"Amaphoyisa afuna ukuhamba nemali engayibalanga, kodwa ummangali wanqaba kwaze kwaba bayayibala imali, bahamba nayo.”

Kodwa amaphoyisa athola isimangalo ngalolui daba, kwatholakala ukuthi imali ayizange ibhaliswe emabhukwini esiteshi samaphoyisa. Kwabe sekuqaliswa uphenyo.

Kube sekuboshwa amaphoyisa amathathu kanti azovela eNkantolo yeMantshi yaseWelkom ngoLwesithathu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.