Amaphoyisa abulale obesolwa ngecala lokudlwengula e-KZN

2015-08-25 11:33

Pietermaritzburg – Owesilisa obesolwa ngecala lokudlwengula udutshulwe amaphoyisa washona e-Edendale, eMgungundlovu, kanti kuthiwa lokhu kwenzeke ngephutha amaphoyisa ezama ukumbopha.

Ngemuva kokuthola isikhalazo ngowesifazane odlwengulwe eBhobhonono, ngase-Edendale, amaphoyisa aseTaylor’s Halt abe esephuthuma endaweni yesigameko.

Ngokusho komthombo wamaphoyisa, ongavunyelwe ukukhuluma nabezindaba, la maphoyisa amabili athole umsolwa, obe eselwisana nawo wadlubulundela wabaleka.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe umsolwa ngemuva kokubamba inkunzi

Elinye lamaphoyisa libe seliyamjaha, kwathi elinye lalandela ngeveni.

Babe sebemfica umsolwa wadaza inkani engafuni ukungena evenini, kanti isibhamu sephoyisa sizoqhuma kulowo mdonsiswano, umsolwa wadubuleka washonela endaweni yesigameko.

“Konke kwenzeke ngokuphazima kweso,” kusho umthombo.

Iphoyisa libe seliyaboshwa kepha laphinde ladedelwa, lolu daba lusezandleni ze-Independent Police Investigative Directorate (IPID).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.