Amaphoyisa avale amajoyinti e-Eastern Cape

2014-12-26 08:37
Johannesburg – Amaphoyisa avale izindawo zokucima ukoma ezintathu ezidayisa utshwala ngokungemthetho eKei Bridge e-Eastern Cape ngokusho kombiko.

“Abanikazi balezi zindawo bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela bathweswa amacala okudayisa utshwala ngaphandle kwezimvume,” kusho okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape uCaptain Jackson Manatha.

“Izindawo zabo abadayisela kuzo zivalwe ngamaphoyisa aseKei Bridge.”  

OLUNYE UDABA: Zimkhalele obulale omunye eshibhini

Kubikwa ukuthi abanikazi balezi zindawo okungabantu besifazane baneminyaka engu-25, 45 no-46 ubudala kanti badedelwe ngesexwayiso.

Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseButterworth ngomhlaka 7 kuJanuwari 2015.

Kubikwa ukuthi utshwala obuthathwe ngamaphoyisa kulezi zindawo bulinganiselwa ku-R12 000 kanti buzophihlizwa ngokusho kukaManatha.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.