Amaphutha enziwa uma kusetshenziswa amakhondomu!

2014-12-18 12:36
Cape Town - Maningi amaphutha enziwa abantu abasuke besocansini uma kuyiwa kweyokugqokwa kwamakhondomu, 


Bheka ukuthi iphelelwa nini yisikhathi:

Amakhondomu ajwayelekile angenaphunga, angahlala iminyaka emihlanu engakonakali, lawo anezithako ezithile angahlala okungenani iminyaka emibili.

Amakhondomu afakwa kowolethi angashesha ukonakala ngenxa kokushisa kukawolethi kuhlangene nokushisa komzimba.

Uma kwenzeka uyithinta uyithola inamfuka, ungabe usayisebenzisa.

Ukungakhulumi ngamakhondomu ngaphambi kocansi:

Ungaqhamuki ngomzuzu wokugcina usutshela olala naye ngekhondomu nibe nikade ningakhulumanga lutho ngayo.

Khulumani ngekhondomu ngaphambi kokuthi nize nilale.

Ukuthatha isikhathi eside ngaphambi kokuthi uyifake:

Ungathathi isikhathi eside ngaphambi kokuthi ugqoke ikhondomu. Uketshezana oluphuma ngaphambi kokuthi uchithe, kungenzeka lube nezifwana ezithile.

Ukuyifaka ungasishiyi isikhala phambili:

Uma usuyigqoka, ibambe ngaphambili bese uyayigqoka kodwa uqinisekise ukuthi kusala isikhala esincane sokuhlala isidoda. Uma singekho isikhala kungenzeka iqhume.

Ungayiphindi:

Nangephutha ungayiphindi, ungayiphindi noma sekunjani - angazi ngingagcizelela kanjani kodwa ungayiphindi. 

Iphutha elikhulu kunawo wonke ukungayisebenzisi.

 




  - Olunye ulwazi lutholakale ezindabeni ze-nbcnews

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.