Johannesburg - IMamelodi Sundowns kulindeleke ukuba ithathe isinqumo ngabadlali
ezobagcina eqenjini likaPitso Mosimane kule sizini.
Amaqembu
amaningi akuPSL alokhu enika ubunzima leli qembu ebuza ngabadlali abathile
njengoba nawo ezama ukuqinisa izikwazi zawo.
AmaZulu angelinye lamaqembu abheke amabadlali beSundowns.
ULuyolo Nomandela, Bonginkosi Ntuli, Punch Masenamela kanye noWayne
Sandilands bangabanye babadlali abamataniswa naleli qembu laseThekwini.
Funda nalolu daba: Akulahlwa mbeleko ngakufelwa - Mashaba.
IPlatinum
Stars kubikwa ukuthi nayo isezinhlelweni zokuthatha abanye abadlali beSundowns,
kanti neFree State Stars iphumele obala yathi ingathanda ukuthola okungenani
abadlali ababili kuleli qembu laseChloorkop, kubika iSoccerLaduma.
ISundowns
isanda kuphothula amalungiselelo ayo esigaba sesibili sesizini eMpumalanga
ngokushaya iManzini Sundowns yaseSwazini ngo-3-1.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).