Durban – Kukhothame Inkosi Imipiyezintombi Mzimela owayesakuba
nguSihlalo weNdlu yabaholi bendabuko ngemuva kokudunguzela isikhashana.
Lokhu
kuvezwe uNgqongqoshe wezabaHoli beNdabuko KwaZulu Natal uNomusa Dube-Ncube kwisitatimende
ngoLwesihlanu.
“Udadewabo wenkosi uMatric Mzimela ukuqinisekisile ukukhothama
kwenkosi ngemuva kokudunguzela kanti ubesehlale esibhedlela amasonto ambalwa.”
OLUNYE UDABA: Bakhala ngemigomo enqala yeNkosi
Ungqongqoshe uchaze inkosi Mzimela ekhothame ngoKhisimusi njengomuntu obeqotho
futhi eyimela into akholelwa kuyona.
“Ubengasabi ukubeka imibono yakhe nakuba
ibizomenza abe nyamanambana kwabanye ubeyibeka njengoba injalo.
Ubehlale efuna
kube nesixazululo ngasosonke isikhathi uma kunongaboni ngasolinye.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter