Anginanxa noHunt - Ofunwa yiDowns

2015-08-25 17:43

Johannesburg - Umdlali wasesiswini weBidvest, uSibusiso Vilakazi, ugcizelele elokuthi akananxa nomqeqeshi wakhe uGavin Hunt futhi yena ugxile emsebenzini wakhe.

UVilakazi uhlaliswe ebhentshini emidlaweni emibili edlule yeWits, nosekuqubule amahlebenzi okuthi lo mdlali weBafana Bafana angase alishiye leli qembu ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokuthengwa kwabadlali ekupheleni kwenyanga.

UHunt uthe usebenzisa uVila njengomdlali afuna angene enze umehluko enkundleni.

UVilakazi, omataniswa neMamelodi Sundowns, uthi uyamhlonipha lo mqeqeshi.

Funda nalolu daba: 'IBhakabhaka lizokhala lemuke neseligi'

"Anginayo nencane inkinga,” kusho uVilakazi kwiKickOff.com. "Baningi abadlali abasezingeni eliphezulu eqenjini, futhi umqeqeshi ukwazi ukukhetha abadlali abangu-11 kuphela ukuba badlale enkundleni.”

"Kumele akhethe iqembu ngendlela abone ngayo ejimini. Uyabathemba bonke abadlali, okubalwa kubona nami.”

UVilakazi akafunanga ukukhuluma okuningi ngesikhathi ebuzwa ngekusasa lakhe.

"Nginenkontileka neWits," usho kanje. "Uma nje ngisagqoka ijezi ngithokozele ukudlala ibhola, yilokho okubalulekile kumina.”

"UNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi kuzokwenzakalani ezinsukwini ezizayo.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.