Angisenayo imizwa yeChippa United - oweChiefs

2015-08-07 10:00

Johannesburg – Umgadli weKaizer Chiefs uDavid Zulu uthe ukulangazelele ukubhekana neqembu lakhe lakudala iChippa United okuzobe kuwumdlalo wokuqala we-Absa Premiership.

Oshampeni beligi bazobhekana namaChilli Boys ngeSonto eNelson Mandela Bay Stadium ePort Elizabeth ngehora lesithathu ntambama.  

“Sizoya kulo mdlalo siyonqoba,” kusho Zulu ngokubika kweKickOff.

“Angisenayo imizwa yabo, nakuba banginikeza ithuba lokudlala kwi-PSL.

OLUNYE UDABA: Angase aqondiswe izigwegwe owePirates

Singabavikeli besicoco ngakho kumele sidlale njengoshampeni.”

UZulu ufike kuMakhosi maphakathi nesizini edlule kanti kusalindeleke ukuthi azakhele igama kuleli qembu njengoba kusenzima kuyena ukuthola ijezi.

Kule sizini kubukela izinto ziqale kahle njengoba edlale kwiCarling Black Label Cup waphinde wadlala futhi ngesikhathi Amakhosi ebhaxabula iMaritzburg United ngo-5-3 koweMTN 8 ngoLwesithathu.

“Ngiyajabula ukuthola ithuba,”kusho uZulu ngaphansi komqeqeshi omusha uSteve Komphela.

“Ngokuthola ithuba lokudlala imidlalo eminingi nakanjani ukudlala kwami kuzothuthuka.”

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.