Asiyesabi iKaizer Chiefs - OweCeltic

2015-08-07 13:30

Cape Town - Ukaputeni weBloemfontein Celtic uBevan Fransman usezwakalise ukuthi iKaizer Chiefs ayibafaki amanzi emadolweni ngakho bakulangazelele ukubhekana nayo emqhudelwaneni weMTN 8.

ICeltic idlulele esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano ngemuva kokwehlula iMamelodi Sundowns ukuze iqhathwe naMakhosi angoshampeni balesi sicoco. 

UFransman ulibeke ngembaba ngesikhathi ekhuluma neSport24 ukuthi abayesabi iChiefs nakuba beyihlonipha.  

Umdlalo weDowns nePhunya Sele Sele uze wadlulela esigabeni samaphenathi nokwenze Isiwelele sadlulela phambili kanti iChiefs umdlalo wayo neMaritzburg United wadlulela emizuzwini engeziwe nokwaholela ekutheni Amakhosi awunqobe lo mdlalo ngamagoli amahlanu kwamathathu. 

OLUNYE UDABA:  UKomphela uthi akanandaba nabamemeza igama likaKhune

"Asiyesabi nakancane iChiefs kodwa siyayihlonipha,"kusho uFransman oke walidlalela leli qembu laseNaturena. 

"NjengeSundowns, namanye amaqembu siyawahlonipha kodwa asiwesabi. Sizoya kulo mdlalo ngenhloso yokunqoba.

Siyakuqonda ukuthi bayasivikela lesi sicoco kodwa okwethu ukudlalela ukunqoba kumnyama kubomvu," kusho lo mdlali enanela ngokuthi bazimisele ngokufinyelela kowamanqamu futhi bawunqobe nawo. 

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.