Ayihumshwanga ngendlela inkulumo kaZuma - IHhovisi

2014-12-25 09:15
Johannesburg - Isisho sesiZulu esisetshenziswe uMengameli uJacob Zuma ngesikhathi ehambele eSavanna Park, eyochitha usuku nabantu abadala kanjalo nabahlwempu, asihumushwanga neze ngendlela, kusho iHhovisi likaMengameli.

"UMengameli uZuma ukhulume encokola nabebehambele umcimbi, wathi akakabi nayo indlu yokugugela, abezindaba babe sebegijima nodaba bethi ukusho kukamengameli bekuchaza ukuthi akakamtholi unkosikazi wokugcina azoguga naye,"kusho isitatimende esikhishwe nguMkhulumeli kaZuma uMac Maharaj.

"Kubuhlungu ukuthi lokhu okubikwe yintathel kugcine kugqiba umsebenzi omuhle uZuma akade eyowenza,"kuqhuba uMaharaj.

Iphephandaba iThe Star, libike lathi ngokwesiZulu, uZuma ubesho ukuthi usengathatha unkosikazi wesihlanu, njengoba evele enabo abanye abane.

"Angakayakhi indlu yokugugela... laba ngisabathathile nje," iphephandaba licaphuna uMsholozi.

USolwazi uSihawu Ngubane, wase-University of KwaZulu-Natal, utshele iphephandaba wathi uma indoda isho isisho esisetshenziswe umengameli, isuke isho ukuthi isazoqhubeka ithathe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.