Ayikho ingcindezi ngekusasa likaNomvethe - Makaab

2015-01-06 13:34

Johannesburg - UMike Makaab ophethe izindaba zikaSiyabonga Nomvethe uthe akakhathaekile ngekusasa lalo mdlalo njengoba esaqhubeka nokwenza kahle kwiMoroka Swallows nakuba inkontileka yakhe iphela kule sizini.

UMakaab uthe lo mgadli oneminyaka engu-37 ubudala usaqhubeka nokukhombisa ukuthi ungumdlali osezingeni njengoba esaqhubeka nokubhakuzisa inethi njalo uma enikwa ithuba kuleli qembu.

“Ukuthi umdlali oneminyaka elingana nekaNomvethe aqhubeke nokudlala kanje kuyamangalisa kakhulu.

OLUNYE UDABA: Usindise iZinyoni uNomvethe

"Asikhathazekile kakhulu ngoba ukudlala kahle ngakho sizolinda iqembu sibone ukuthi liqhamuka nani etafuleni,” kusho uMakaab wePro Sport International.

Phambilini iSoccerLaduma yabika ukuthi ayigculisekile ngalo mdlali nakuba ehamba phambili ngamagoli kuleli qembu.

ISwallows ayikayidingidi indaba yekusasa likaNombvethe njengoba isisalelwe yizinyanga eziyisithupha.  


      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.