Johannesburg - Kuningi kakhulu ekumele kwenziwe kuze kuzoliwa nokubheduka kwesifo samatele, phecelezi iFoot and Mouth disease, esifundeni uMkhanyakude, esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Lokhu kube ngukusho kukaNgqongqoshe wezeMvelo esifundazweni uCyril Xaba.
"Sesiqalile ukunyakaza, kumele siqhubeke nomsebenzi," kusho isitaimende sikangqongqoshe.
Kuleli sonto, ungqongqoshe uhambele izindawo ezahlukahlukene kuqhutshwa izinhlelo zokufundisa abanikazi bemfuyo ukuthi bakwazi ukugwema amatele.
"UMkhanyakude wahlaselwa kabi amatele ngo-2011, isifo saphazamisa ekuthuthelweni kwemfuyo kwezinye izindawo," kuchaza uXaba.
Ukubheduka kwamatele kwaholela ekutheni kumiswe ukuthunyelwa kwenyama eqhamuka eNingizimu Afrika, nokwalahlekisela izwe isamba esingu-R4bn.
Kubhekeke ukuthi kulo nyaka abe-Office International des Epizooties (OIE), bekanye neWorld Organisation on Animal Health, bacwaningisise kabanzi ngokuthunyelwa kwenyama eqhamuka kuleli.
Umphakathi utshele ungqongqoshe wathi kumele kwenziwe okuthile ukulawula umngcele ongenela eMozambique, njengoba kunezinkomo eziningi ezeqela kuleli zisuka eMoz.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).