Ayiyi ndawo iGenerations entsha – Vundla

2015-01-12 17:31

Cape Town – Ngalesi sikhathi ababukeli sebeqala ukuthobisa izinhliziyo bajwalele iGenerations: The Legacy, kungenzeka ukuthi lo mdlalo ungasabonakala kumabonakude.

Lokhu kuzokwenzeka uma abalingisi abangu-16 abaxoshwa kuGenerations ngonyaka odlule bephumelela esicelweni abazosifaka enkantolo ngoLwesibili sokuthi kumiswe lo mdlalo omusha, kusho umbiko weCity Press.

La balingisi abakhonjwa indlela baxwayise uMfundi Vundla, owabaxosha kubangwa indaba yamaholo, ukuthi uma iGenerations: The Legacy ibonakala emoyeni ngoMsombuluko ebusuku, bazobabela eNkantolo eNkulu yaseSouth Gauteng ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Abaxoshwa bafuna kumiswe iGenerations: The Lagacy

UVundla uqinisekisile ukuthi uyazi ngalolu daba lokuthi kunezinyathelo zomthetho azothathelwa zona, wathi kodwa iGenerations: The Legacy izoqhubeka nokubonakala ku-SABC1 njengenjwayelo.

“Ngizwile ngezinyathelo zomthetho, engikwaziyo mina ukuthi lo mdlalo uzoqhubeka, thina sinenkontileka ne-SABC, hhayi nabalingisi,” kuqhuba uVundla.

Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago naye uthe abanazo izinhlelo zokumisa iGenerations: The Legacy.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.