Ayizange ikokotelwe ekaWinnie, kusho owomndeni

2015-01-19 18:31
Cape Town – Ilungu lomndeni wakwaMandela, okuyilona elithinteka kakhulu ezinsolweni ezithi uWinnie Madikizela-Mandela wakokotela incwadi efungelwe, seliziphikile lezi zinsolo, kusho umbiko.

Iphephandaba iSunday Times libike ukuthi uMadikizela-Mandela angase abhekane necala lokukhwabanisa ngemuva kokunukwa ekutheni wakokotela incwadi efungelwe eyayiyingxenye yamaphepha afakwa enkantolo emizamweni yakhe yokumisa umndeni wakwaMandela ekutheni ubambe umhlangano eQunu, e-Eastern Cape.

NgoMsombuluko uNgcebetshana ugcine ekhulumile wathi izinsolo ezikhona zingamampunge.

OLUNYE UDABA: Usebabele enkantolo uWinnie Madikizela-Mandela

Ukuqinisekisile kwabe-Eyewitness News ukuthi wayisayina incwadi efungelwe eyayiswa enkantolo.

Le ncwadi ithi ngenxa yalo mhlangano ozayo, imimoya iphezulu emalungwini omndeni kanti kunokwesabela ukuthi uma lo mhlangano uqhubeka kungase kuqubuke udlame.

Ngokombiko weSunday Times, uNgcebetshana watshela uMandla Mandela ukuthi akaze ayisayine le ncwadi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.