Bagwetshiwe abebeqhuba ibhizinisi lendawo yokuqwayiza

2015-07-20 13:42

Port Shepstone – INkantolo yeMantshi yasePort Shepstone igwebe abesifazane ababili ngemuva kokubathola benecala lokushushumbisa abantu nokuqhuba ibhizinisi lokuthengisa ngomzimba, ngokusho kombiko.

Ngokubika kweSowetaLive uVeeran Palan oneminyaka engu-34 ubudala no-Edwina Bonita Elbidia Norris oneminyaka engu-28 bagwetshwe ngoLwesihlanu iminyaka eyishumi nesithupha.

Amanye amacala ababhekene nawo ngawokuphoqa abesifazane ezenzweni zocansi, ukwenza inzuzo ngendlela ehambisana nobugebengu nokuthumba.  

OLUNYE UDABA:  Ibulawe yinyathi indoda eLimpopo

Laba baboshwa ngoJulayi 2013 ngemuva kokuheha abesifazane ababili besuka eKapa bebathembisa umsebenzi ehhotela.

Ngesikhathi laba besifazane befika emzini ose-Olso Beach lapho kwakumele bahlangane khona nabaqashi babo batshelwa ukuthi bazosebenza njengamayengandoda ukuze bakhokhele imali yethikithi lebhasi elabasusa eKapa.  

Baphoqwa ukuba bayojabulisa amadoda ngenkani. Ngenhlanhla abathumbi babo baboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbili beqalile ukwenzisa omahosha.

Ibamba lenhloko yoKlebe uMajor General Ntlemeza ushayele ihlombe umphenyi waleli cala uDetective Warrant Officer Allan Horn ngomsebenzi wakhe wokuphenya leli cala.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.