Johannesburg - Bangaphezulu
kwabangu-90 abantu, okubalwa kubona nezingane, okulindeleke ukuba bavele
eNkantolo yeMantshi eKagiso ngoMsombuluko ngamacala okudala uthuthuva
emphakathini nokutholakala nempahla eyebiwe kulandela ukuhlaselwa kwezitolo
zabokufika.
Okhulumela amaphoyisa uLt-Gen Solomon Makgale uthe bangu-178 abantu
ababoshiwe ngamacala odlame oluqale ngemuva kokudutshulwa kubulawe umfana
oneminyaka engu-14 ubudala, uSiphiwe Mahori ngenyanga odlule.
Funda nalolu daba: Ingane ishone umama eyotapa naye - Abazibonele.
Umufi kwakusolwa ukuthi wayehamba nabafana abebeyophanga isitolo
sowaseSomalia ngoMsombuluko.
UMakgale uthe abantu abangu-83 bavele
eNkantolo yeMantshi eProtea kanti bazogcinwa esitokisini kuze kube uJanuwari 28
noma 29.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).