Bangu-9 asebeshone ezingozini zaseN West ngo-2015

2015-01-05 16:26

Mahikeng – Sekushone abantu abantu 9 ezingozini ezahlukene eNorth West selokhu kuqale u-2015 ngokusho koMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi kulesi sifundazwe.

Kuqale ngokushona komshayeli wesithuthuthu oshone ngosuku lukaNcibijane ngemuva kokuhluleka ukusilawula.

Kwaphinde kwashona umshayeli engozini eyenze emgwaqweni u-N4 eVentersdorp.

“Amaphoyisa aseMabieskraal aphenya icala lokubulala ngokungenhloso komfana oneminyaka engu-8 ubudalaeTweelagte,” kusho okhulumela lo mnyango uShuping Daddy Sebolecwe.

Uqhube wathi abanye ababili bashone ngesikhathi imoto yabo yohlobo lweToyota Condor iphuma emgwaqweni e-Ottosdal ngoLwesihlanu. Kwathi abanye ababili bashona ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayisana neloli emgwaqweni u-R24 ngaseRustenburg ngawo futhi uLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Zidlange kakhulu izingozi kuleli

Ungqongqoshe walo mnyango uGaoage Moapisi udlulise amazwi enduduzo emndeni yalaba abashonile kulezi zingozi ngokwehlukana kwabo.


UMolapisi uthe kubuhlungu ukuthi kushone abantu abaningi kangaka esikhathini esingazinsuku ezinhlanu unyaka uqalile.

“Nakuba sehlile isibalo sabashone ezingozini zomgwaqo uma uqhathanisa nonyaka owedlule kodwa ukudlula komphefumulo kuhlezi kubuhlungu,” esho.

Uphethe ngokunxusa labo ababuyela emakhaya ukuba bashayele ngokucophelela ukuze baqinisekise ukuthi bafika bephephile.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.