Baphawula ngokwenza kwabakilinayo emsebenzini

2015-01-15 12:31
Cape Town - Emsebenzini kunomama abashanelayo, sibambalwa singabantu abamnyama, kwande ibala elimhlophe.

Omama abashanelayo abalokothi bashanele ngasezihlalweni zethu thinandlu emnyama.

Bashanela kuphela la kuhlala khona ezinye izinhlanga, kwamatafula ethu awasulwa asiqoqelwa nezitsha uma sikade sidla kodwa abanye bayenzelwa. Kumanje indawo esisebenzela kuyo ingcolile. Senzenjani?

Ngabe kumele sitshele umphathi wethu akhulume nomphathi wabo noma kumele sitshele bona ngqo omama bazoqoqa la sisebenzela khona? Uma siya kumphathi wethu, icacile eyokuthi kuzokuba sengathi siyabaceba kubaphathi.

Angikholelwa ekutsheleni umuntu ukuthi awenze kanjani umsebenzi wakhe, ngibe ngingesiye umphathi wakhe.

Abafundi bayaphendula: 

UMpume Mane's uthe: Ukuthi nibukelana phansi kulawo mahhovisi enu, umlungu uba ne smile,abonge nendiya.wena ngifana nawe cha ungacishe ungxhobe ngeqhok's impakamo.hlalani ezibini zenu lezo till nifunde ukwehla.

USboniso Q M Mthembu uthe: Uma kungashaneliwe endaweni yakho yokusebenzela kungasuliwe netafula, biza u-anti ummele ashanele aze aqede. Uze ungaqali nokusebenza engakakwenzi lokho.

Umsebenzi wabo lowo. Nalapho okudlelwa khona umsebenzi wabo ukugcina leyo ndawo ihlanzekile akukhathalekile ukuthi ubani ongcolisile. Akukho Mama emsebenzini, wonke umuntu uyalingana.

Ayiyekwe le nto yokubabiza ngomama noma o-anti, ababizwe ngamagama aba ngqo khona bayazi indawo yabo!

UZama Mbuyisa uthe: Vele emsebenzini kuyenzeka abakilinayo banake kakhulu abamhlophe, bakhohlwe abamnyama. Khulumani nabo nizwe bathini, uma kungalungi senobe nibabika.


Ngena kwiziNdaba News24 kuFacebook, ubone abanye batheni.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.