Basale bemabokoboko abatinyelwe izinyosi emngcwabeni

2014-12-24 11:03

Bulawayo – Bashiye ibhokisi bacela empunzini abebehambele umngcwabo ngemuva kokuhlaselwa yizinyosi esontweni nokuyisigameko esishiye abantu abangu-30 bemabokoboko ngokusho kwemibiko. 

Ngokombiko lesi sigameko senzeke ngeSonto entshonalanga yesiFunda iTsholotsho eZimbabwe. 

Kubikwa ukuthi ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yomngcwabo owesilisa uphumele ngaphandle wayosebenzisa indlu yangasese.

“Lo mlisa ubuye ngelikhulu ijubane ngaphakathi esontweni.

Kuthe kusenjalo kwezwakala abantu bahayiza kwasuka isiphithiphithi abantu bebalekela ezindaweni ezahlukene,” kusho uCecelia Chivi obehambele lo mngcwabo.

“Ibhokisi lisale kanjalo lodwa ngaphakathi esontweni njengoba umuntu ebebalekela ukuhlenga impilo yakhe,” esho.

OLUNYE UDABA: Izinyosi zihlasele izingane ezikhubazekile

“Angikaze ngiziboni ezinyosi ezingaka empilweni  yami njengoba kumane kwabamnyama esontweni ngesikhathi zingena ngaphakathi.

Ngikholelwa ekutheni njengoba sisindile kungomusa kaNkulunkulu,” kushuba uChivi.

Kuphoqeleke ukuthi kusetshenziswe izimoto ezithwala isidumbu ukuphuthumisa abantu ezibhedlela njengoba bese bentinyelwe yizinyosi abanye belimele ngesikhathi bezama ukubaleka.

Kubikwa ukuthi abanye bebevuvukele ubuso, abanye izingalo kanti abanye bebephuke imilenze.

Ngokombiko umngcwabo uze waqhubeka ngemuva kwamahora amabili kwenzeke lesi sigameko sekusele abantu abambalwa esontweni.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.