Bashayise nemoto bashona abasolwa ngokugqekeza umuzi

2015-08-08 08:03

Durban – Abasolwa abahlanu abagqekeze umuzi bashone ujuqu ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayisa isihlahla bezama ukubalekela amaphoyisa, ngokusho kwabosizo lokuqala. 

UPaul Herbst we-IPPS Medical uthe laba basolwa bebesanda kugqekeza umuzi osoThongathi kanti bese bebaleka ngesikhathi bebona amaphoyisa ebajaha ngemoto nokuyilapho bezithele khona esihlahleni.

Uqhube wathi le ngozi yenzeke emgwaqweni uWatson  ngaseCrawford College.

OLUNYE UDABA: Kushone 2 kwalimala 18 engozini eMlazi

Abathathu balaba basolwa bashonele endawenio yesigameko ngaphakathi emotweni yohlobo lweToyota Avanza abebehamba ngayo kanti oyedwa uchithwe yile moto wayosakazeka ngaphandle washonela khona lapho.

Owesihlanu obesesimweni esibucayi ushone ngokuhamba kwesikhathi.

Amaphoyisa abengakatholakali ukuze aphawule kabanzi ngale ngozi. 

     -  “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
1 comment
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.