Batholwe beshonile abafana abatinyelwe yizinyosi

2014-12-19 12:47
Johannesburg - Abafana ababili kwabathathu abaduke endaweni yase-Uitenhage ngesikhathi bezama ukubalekele izinyosi batholwe beshonile edamini, kusho amaphoyisa esifundazwe sase-Eastern Cape.

UWarrant Officer Gerda Swart uthe labafana babezihambela ngoLwesine ekuseni ngesikhathi behlaselwa yizinyosi bangena emanzini iLapland Dam.

Abanye babo bazama ukuphuma emanzini kodwa abathathu abakwazanga ukuphuma.

Abanye babafana baya emakubo ukuyobika ngokwenzekile. Abazali bazama ukuya endaweni yesigameko kodwa basheshe basuka ngenxa yesimo sendawo.

Isigameko sabikwa emaphoyiseni ngezithuba zabo-21:00 ebusuku.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa umfana odukile eKZN

Kube sekukhishwa ithimba ukuba liyothungatha kodwa nalo alijkwazanga ukuqhubeka nokuthungatha ngoLwesine ebusuku.

Ukuthungathwa kuqhubeke ngoLwesihlanu ekuseni kwatholakala izidumbu zabafana ababili.

Kuyaqhubeka ukuthungathwa kkomfana wesithathu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
                              

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.